Injabulo ibibhalwe emehlweni kubantwana abaphila nokukhubazeka endaweni yase-Anniviel eDannhauser. Lapho bevakashelwa yizikhulu zenkampani yezokumbiwa phansi Ikwezi Mining, esendaweni yaseDanawozi. Lendawo okugcinwa kuyo abantwana abaphila nokukhubazekile ivakashelwe ngosuku lokuzalwa lukaBaba uNelson Mandela (18 July 2020).

Noma umhlaba wonke ubhekane negciwane le-Covid-19, lokho akubavimbanga abasebenzi benkampani yezokumbiwa phansi Ikwezi Mining ukuthi bashiye konke abakwenzayo bayohlanganyela nabantwana abagcinwa eDannahuser Disability Center. “Sesineminyaka emine (4) sisebenza nabantwana abaphila ngokukhubazeka. Sikhuluma nje kumanje kunabantwana abayishumi nesithupha (16) abakhona kulesenta yethu,” kulanda uNksz Thandazile Malevu ongomunye wabasebenzi kulendawo. Uthe uxhaso abaluthole enkampanini Ikwezi lwenze omkhulu umehluko njengoba beyindawo engakaxhaswa ngisho nanguhulumeni. Okufi ke kwashiywa ngabe-Ikwezi Mining kubalwa kukho izipontshi zokulala abantwana , ukudla, amanabukeni (Pampers), ama-Mask abantwana kanye nama-Sanitizer. Abantwana bebecula baphinde bagide bekhombisa injabulo abanayo ngokuxhaswa kwabo yi-Ikwezi Mining. Oyimenenja yezokuXhumana ehhovisi le-Ikwezi Mining uMnuz.

Xolani Gamede, uthe Ikwezi isasenezinhlelo eziningi zokuxhasa emphakathini. Uqhube wathi lokhu abakwenzele iDannhauser Disability Center kungenye yezinhlelo zayo Ikwezi Mining ukuthi iphonse okuthile esivivaneni ngenhloso yokuletha ushintsho. “Ngonyaka udlule saxhasa enye yezinkulisa zabantwana ekhona eDannhauser njengoba kulonyaka sizoxhasa lesenta yabantwana abaphila nokukhubazeka. Siyakholelwa ekuthini ‘Sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo’, lokhu kukubeka ngokusobala ukuthi kumele siwuxhase umphakathi esiwakhele,” kulanda uGamede. Ubuye wathi ngokuhlangana kwabo neDannhauser Disability Center, uthe kwafi ka uMnuz.

Sibusiso Nkosi onguSihlalo wekomidi yalesenta. Uthe wachaza ngezinqinamba ababhekana nazo kulesenta esho ukuthi bangaluthokozela uxhaso olungavela kubo.”Sabe sesihlala phansi nesigungu esibenzisana naso ngezinkinga ezikhona emphakathini, sabona kungaba umsebenzi omuhle ukuthi sifi ke sizobavakashela, sabona ukuthi isimo sinzima. Yingakho ngosuku luka Baba uMandela sibone kungaba kuhle ukuthi sivele nokuthile,” Kusho uGamede. Ubuye wathi basazoqhubeka nokubona okunye abangaxhasa ngako ukuze lendawo izothuthuka futhi iyephambili. Ubuye wathi loluxhaso balwenze bebambisene nenkampani iSolar Mining (Pty)Ltd, Ubisi Mining (Pty) Ltd kanye nePrecious Lives Matter (NPO). Esephetha uNksz Thandazi Malevu uthe bayabonga kakhulu uxhaso abaluthole ngosuku lukaBaba uMandela eluvele kulezimpani ezibalwe ngenhla. “Lokhu abakwenzele thina baqhubeke bakwenzele nabanye. Siyacela nawo umphakathi osavalele abantwana abaphila nokukhubazekile ukuthi ubadedele beze esenta yethu ukuze bezothola ukufundiseka, ukuxoxa nabantwana abaphila nokukhubazeka futhi bathole ukuxhaseka, kulanda uNksz Malevu. Ubuye wathi inhloso yabo ukuthi kungabikhona abantwana abasaphila ngaphansi kwezimo zokuhlukumezeka ekubeni bona besekhona futhi bazosebenza ngakho konke okusemandleni ukubagcina abantwana abakhubazekile bekhula kahle. Uthe ukungena kwe-Ikwezi Mining ngaphakathi emagcekeni eDannhasuer Disability Center kukhombisa kona ukuthi kuseza okunye okuhle okuzobayisa phambili bagcine beyisenta esezingeni eliphakeme kunalokhu eyikho njengamanj